1 Izikronike 23:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli.

2. Wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi.

3. AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo, indoda ngendoda, wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.

1 Izikronike 23