20. UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.
21. Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi.
22. USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.
23. OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.
24. Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.
25. Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.
26. UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.