1 Izikronike 17:8-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.

9. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,

10. kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.

11. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.

12. Yiyo eyakungakhela indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube phakade.

13. Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; angiyikuyaphuca umusa wami, njengalokho ngamaphuca owayephambi kwakho.

14. Ngiyakuyiqinisa endlini yami nasembusweni wami kuze kube phakade, isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe kuze kube phakade.’ ”

15. Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.

16. UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi:“Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube lapha na?

17. Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu.

18. “UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho.

19. Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.

20. “Jehova, akakho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

21. Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na?

22. Ngokuba abantu bakho u-Israyeli wabenza babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.

23. “Manje, Jehova, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo kuze kube phakade maliqiniswe, wenze njengokukhuluma kwakho.

1 Izikronike 17