2. UNathani wathi kuDavide: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.”
3. Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi:
4. “Hamba utshele uDavide inceku yami ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Awuyikungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo,
5. ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.
6. Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwa-Israyeli engabayala ukuba baluse abantu bami, ngathi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’