6. kumadodana kaMerari: ngu-Asaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili;
7. kumadodana kaGereshomu: nguJoweli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amathathu;
8. kumadodana ka-Elisafani: nguShemaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili;
9. kumadodana kaHebroni: ngu-Eliyeli inhloko nabafowabo, bengamashumi ayisihiyagalombili;
10. kumadodana ka-Uziyeli: ngu-Aminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili.
11. UDavide wabiza oSadoki no-Abiyathara abapristi, namaLevi o-Uriyeli, no-Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba, wathi kubo:
12. “Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiyilungisele wona.
13. Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.”
14. Base bezingcwelisa abapristi namaLevi ukuba bawukhuphule umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
15. Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova.
16. UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.
17. AmaLevi ayesebeka uHemani indodana kaJoweli, nakubafowabo u-Asafa indodana kaBerekiya, nakumadodana kaMerari, abafowabo, u-Ethani indodana kaKushaya,
18. bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, abalindisango,
19. nabahlabeleli oHemani no-Asafa no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali* ethusi,
20. noZakariya, no-Aziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya ukuba babe nezingubhu ezilungiselwe i-Alamoti,*
21. noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Azaziya ukuba babe namahabhu* alungiselwe iSheminiti* ukuba bahole.
22. UKhenaniya induna yamaLevi wayephethe umsebenzi wokuthwala; wayefundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi.
23. OBerekiya no-Elkana babe ngabalindisango bomphongolo.
24. OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babe ngabalindisango bomphongolo.
25. UDavide namalunga akwa-Israyeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini ka-Obede Edomi ngokuthokoza;