11. Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.*
12. Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.
13. AmaFilisti abuye angenela isigodi.
14. UDavide waphinda wabuza kuNkulunkulu; uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki emva kwawo; wagwegwesele, uwafikele malungana namajikijolo.
15. Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”