1 Izikronike 1:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.

9. Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.

10. UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.

11. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,

12. namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.

13. UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,

1 Izikronike 1