1 Izikronike 1:39-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

39. Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.

40. Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana.

41. Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.

42. Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.

1 Izikronike 1