18. U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.
19. U-Ebere wazala amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.
20. UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJera,
21. noHadoramu, no-Uzali, noDikila,
22. no-Ebali, no-Abimayele, noSheba,
23. no-Ofiri, noHavila, noJobabi; bonke labo babe ngamadodana kaJokothane;
24. oShemi, no-Arpakishade, noShela,
25. no-Ebere, noPhelege, noRehu,
26. noSerugi, noNahori, noThera,
27. no-Abrama ongu-Abrahama.
28. Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.
29. Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,
30. noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema,
31. noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.
32. Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani.
33. Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.
34. U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli.
35. Amadodana ka-Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora.
36. Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki.
37. Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza.
38. Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani.