1 Amakhosi 9:2-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni.

3. UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.

4. “Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,

5. ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’

6. “Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,

7. ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.

8. Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’

9. Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”

10. Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi,

1 Amakhosi 9