1 Amakhosi 8:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.

2. Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini uSolomoni emkhosini wasenyangeni ka-Ethanimi eyinyanga yesikhombisa.

3. Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, abapristi baphakamisa umphongolo.

1 Amakhosi 8