1 Amakhosi 7:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Kwakukhona amahele ayizinhla ezintathu; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.

5. Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.

6. Wenza indlu yezinsika; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu; nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amathathu, inompheme nezinsika phambi kwayo, naphambi kwazo yisikhwelo.

7. Wenza umpheme wesihlalo sobukhosi lapho ebeyakwahlulela khona, umpheme wokwahlulela; wawembeswe imisedari* kusukela phansi kuze kufike phezulu.

8. Indlu yakhe lapho ebeyakuhlala khona kwelinye igceke phakathi kompheme yayenziwe kanjalo. Wenzela nendodakazi kaFaro abeyithathile uSolomoni indlu eyafana nalwo mpheme.

1 Amakhosi 7