9. Wakha-ke kanjalo indlu, wayiqeda, wayifulela indlu ngemishayo nangamapulangwe emisedari.*
10. Wakha izimpondo zangasendlini yonke, yilolo nalolo lwaba yizingalo eziyisihlanu ukuphakama kwalo; zanamathela endlini ngemithi yemisedari.*
11. Izwi likaJehova lafika kuSolomoni, lathi:
12. “Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo: uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izahlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ukuba uhambe ngayo, ngiyakugcwalisa kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:
13. ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.”