1 Amakhosi 5:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla.”

10. UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari* nemisayipuresi* njengakho konke ukufuna kwakhe.

11. USolomoni wamnika uHiramu amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.

12. UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.

13. Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa-Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu.

14. Wabathuma eLebanoni, beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga, bededelana; babe seLebanoni inyanga, babe sekhaya izinyanga ezimbili; u-Adoniramu wayephezu kwezisebenzi.

1 Amakhosi 5