1 Amakhosi 22:35-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Ukulwa kwaqina ngalolo suku; inkosi yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu, yafa ngakusihlwa; igazi lenxeba laphalazeka phansi enqoleni.

36. Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu* lonke isimemo sokuthi: “Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.”

37. Yafa-ke inkosi, yayiswa eSamariya; bayimbela inkosi eSamariya.

38. Sebeyihlanza inqola echibini laseSamariya, izinja zaxhapha igazi lakhe, nezifebe zageza khona njengezwi likaJehova abelikhulumile.

39. Ezinye izindaba zika-Ahabi, nakho konke akwenzayo, nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo, nayo yonke imizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

40. U-Ahabi wayeselala koyise; u-Ahaziya waba yinkosi esikhundleni sakhe.

41. UJehoshafati indodana ka-Asa waqala ukubusa kwaJuda ngomnyaka wesine ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli.

1 Amakhosi 22