27. uthi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”
28. Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”
29. Inkosi yakwa-Israyeli, noJehoshafati, inkosi yakwaJuda, base benyukela eRamoti Gileyadi.
30. Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho.” Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, yangena ekulweni.
31. Kepha inkosi yase-Aramu ibiyalile izinduna ezingamashumi amathathu nambili zezinqola zayo ngokuthi: “Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.”
32. Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Impela lo uyinkosi yakwa-Israyeli.” Zase ziphambuka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza.