1 Amakhosi 21:12-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNaboti emqoka kubantu.

13. Lawo madoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: “Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.

14. Base bethumela ku-Izebeli, bethi: “UNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa.”

15. Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u-Izebeli wathi ku-Ahabi: “Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli, enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.”

16. Kwathi u-Ahabi esezwile ukuthi uNaboti ufile, u-Ahabi wasuka ukuba ehlele esivinini sikaNaboti waseJizreyeli ukusidla.

17. Izwi likaJehova lase lifika ku-Eliya waseThishibi, lathi:

18. “Suka wehle, umhlangabeze u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, oseSamariya; bheka, usesivinini sikaNaboti, lapho ehlele khona ukusidla.

1 Amakhosi 21