1 Amakhosi 2:11-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.

12. USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.

13. Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi: “Uze nokuthula na?”Wathi yena: “Yebo, ngize nokuthula.”

1 Amakhosi 2