8. Wavuka, wadla, waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, waya entabeni kaNkulunkulu iHorebe.
9. Wangena khona emhumeni, walala khona.Bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: “Wenzani lapha, Eliya, na?”
10. Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”
11. Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba;
12. emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo.