4. Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”
5. Walala ubuthongo phansi konwele; bheka, kwamthinta ingelosi, yathi kuye: “Vuka udle.”
6. Wabheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe elenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wayesebuye walala phansi.
7. Ingelosi kaJehova yabuye yamthinta ngokwesibili, yathi: “Vuka udle, ngokuba indlela yakho inde.”
8. Wavuka, wadla, waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, waya entabeni kaNkulunkulu iHorebe.
9. Wangena khona emhumeni, walala khona.Bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: “Wenzani lapha, Eliya, na?”