1 Amakhosi 18:5-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. U-Ahabi wathi ku-Obadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi,* izilwane zingabhubhi.”

6. Base bahlukaniselana izwe ukuba balidabule: u-Ahabi wahamba ngenye indlela eyedwa, u-Obadiya naye wahamba ngenye indlela eyedwa.

7. U-Obadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye u-Eliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: “Wena uyinkosi yami u-Eliya na?”

8. Wathi kuye: “Yimi; hamba utshele inkosi yakho ukuthi: ‘Nangu u-Eliya.’ ”

9. Wayesethi kuye: “Ngoneni ukuba unikele inceku yakho esandleni sika-Ahabi ukungibulala na?

1 Amakhosi 18