3. U-Ahabi wabiza u-Obadiya owayephezu kwendlu yakhe. U-Obadiya wayemesaba kakhulu uNkulunkulu,
4. ngokuba kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.
5. U-Ahabi wathi ku-Obadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi,* izilwane zingabhubhi.”
6. Base bahlukaniselana izwe ukuba balidabule: u-Ahabi wahamba ngenye indlela eyedwa, u-Obadiya naye wahamba ngenye indlela eyedwa.
7. U-Obadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye u-Eliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: “Wena uyinkosi yami u-Eliya na?”