5. Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
6. Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.
7. Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni.
8. Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi:
9. “Suka uye eSarefati elingeleSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.”
10. Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona; wambiza wathi: “Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.”
11. Esasuka ukuwalanda, wambiza wathi: “Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho.”