1 Amakhosi 16:32-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Wammisela uBali i-altare endlini kaBali abeyakhile eSamariya.

33. U-Ahabi wamenza u-Ashera;* u-Ahabi wenezela waze wacunula uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, kunawo onke amakhosi akwa-Israyeli ayengaphambi kwakhe.

34. Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi, njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.

1 Amakhosi 16