1 Amakhosi 16:27-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Ezinye izindaba zika-Omri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

28. U-Omri wayeselala koyise, wembelwa eSamariya; u-Ahabi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

29. U-Ahabi, indodana ka-Omri, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Asa; u-Ahabi, indodana ka-Omri, wabusa phezu kuka-Israyeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili nambili.

30. Kepha u-Ahabi, indodana ka-Omri, wenza okubi emehlweni kaJehova kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.

31. Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.

32. Wammisela uBali i-altare endlini kaBali abeyakhile eSamariya.

1 Amakhosi 16