1 Amakhosi 14:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula.

2. UJerobowamu wathi kumkakhe: “Ake usuke uzifihle, ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu.

3. Uphathe ngesandla sakho izinkwa eziyishumi, nemiqathane, nophiso lwezinyosi, uye kuye; uyakukutshela ukuthi kuzakuba njani kumntwana.”

4. UmkaJerobowamu wenze njalo; wasuka, waya eShilo, wafika endlini ka-Ahiya.U-Ahiya wayengenakubona, ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe.

5. UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: “Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe, ngokuba iyagula; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.”

1 Amakhosi 14