1 Amakhosi 13:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi e-altare ukushisa impepho.

2. Walibiza i-altare ngezwi likaJehova, wathi: “Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide, nguJosiya igama lakhe; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ”

3. Wabanika isiboniso ngalolo suku, wathi: “Yilesi esiyisiboniso uJehova akhulume ngaso sokuthi: Bheka, i-altare liyakudatshulwa, umlotha ophezu kwalo uchithwe.”

4. Kwathi inkosi isizwile izwi lalowo muntu kaNkulunkulu alibiza ngalo i-altare laseBethele, uJerobowamu waselula isandla sakhe ese-altare, wathi: “Mbambeni.” Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba namandla okusibuyisela kuye.

5. I-altare ladabuka, umlotha we-altare wachitheka e-altare njengesiboniso asinikile lowo muntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova.

6. Inkosi yayisithatha yathi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Ake unxuse phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphiliswe.” Lowo muntu kaNkulunkulu wanxusa kuJehova, saphiliswa isandla sakhe, saba njengakuqala.

7. Yayisithi inkosi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Woza siye ekhaya, uzihlumelele, ngikuphe isipho.”

8. Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unginika inxenye yendlu yakho, angiyikuya khona nawe; futhi angiyikudla isinkwa, ngiphuze amanzi kuleyo ndawo;

9. ngokuba ngayalwa kanjalo ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi, ungabuyi ngendlela oze ngayo.’ ”

10. Wayesehamba ngenye indlela, kabuyanga ngendlela abeze ngayo eBethele.

1 Amakhosi 13